Ndebele/Zulu SDA Hymnal
77. Ngi Thanda Ukulanda Indaba
I mnandi, O! i mnandi,
Indaba yezulu,
Nayo yothando lwAkhe,
Ku mnandi ukuyisho;
I nomusa nothando,
Yona yeqiniso,
I suthis’ ukufisa,
Yodwa nje kuphela.
CHORUS
Ku mnand’ ukuyilanda;
Ngohuba naphezulu,
NgoJesu nobukosi,
Nothando nomusa.
I mnandi O! i mnandi,
Iyamangalisa,
I dlula namaphupho,
Indaba yothando;
Ku mnand’ ukuyilanda,
Yangisiza mina,
Ngako ngi yayilanda,
Indaba yothando.
I mnandi O! i mnandi,
Ngi yiphinda njalo,
Nangokuphindwa kwayo,
Bu yand’ ubumnandi;
Ku mnand’ ukuxoxela,
Abangayaziyo,
Lendaba yensindiso,
Ekuyo iM’bhalo.
I mnandi O! i mnandi,
Kakhulu kithina,
Ngi yilambele nami,
Ngenhliziyo yami,
Ngohuba ezulwini,
Yon’ ingoma entsha,
Indaba yon’ endala,
Indaba yakade.
Support this hymn collection
Your donation can help maintain the website, improve accessibility and keep the hymns freely available.
♥ Donate with PayPal