UKrestu Esihlabelelweni Hymn 247 of 300

Ndebele/Zulu SDA Hymnal

247. Shay’ Insimbi Namuhla Injabulo

Shay’ insimbi! Namhla injabulo.
Ngomuntu obuy’ enkangala,
Nang’ uyis’ emhlangabeza ngendlela,
Was’ emanga, okhatheleyo.

CHORUS
Ngcwele! Ngcwele! Kush’ iz’ngelosi:
Ngcwele! Ngcwele! Kusho ugubhu.
Yimpi enjengo lwandle lugubhuza,
Lwandis ingoma eligugu.

Shay’ insimbi! Namhla yinjabulo.
Ngoba umzuli ubuyile;
Inhliziyo ison’ isishiyile,
Ingumntwana ozelweyo.

Shay’ insimbi! Mema idili namhla
Ngokunqoba ziyacul’ iz’ingelosi;
Xox’ indab’ emnandi njenge zinyosi
Ngob’ umuntu uzelwe busha.

Support this hymn collection

Your donation can help maintain the website, improve accessibility and keep the hymns freely available.